OwaseMandeni uthembisa ukuqeda imijondolo

639

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

SIBONISO SHIBA

IMEYA yoMkhandlu waseMandeni, enyakatho yesifundazwe saKwaZulu-Natal, uKhansela Sphesihle Zulu, utshele izakhamuzi zakule ndawo ukuba zihlale ethembeni njengoba lo masipala uphezu kwezinhlelo zophuthumisa uhlelo lokuhlalisa abantu ezindlini zomxhaso.

Isethembiso sikameya siza emuva komhlangano omayelana nezindlu, iMandeni Housing Forum, obuKwaSithembe, ekupheleni kwenyanga kaMay. Umkhandlu uhlangene nabezimboni zeThala kanye nezinye izinhlaka zikahulumeni wendawo kanye nabamabhizinisi azimele.

Inhlosongqangi bekungukudingida izindaba eziphathelene nokuhlaliswa kwabantu ezindlini zomxhaso kanye nezinselelo ezimayena nokwanda kwemijondolo.

”Ngalo mhlangano sihlose ukugqugquzela abamabhizinisi azimele ukuba baphose itshe esivivaneni ukuze kube lula ukuphuthumisa uhlelo lokuhlalisa abantu ezindlini ezisesimweni esihle,” kusho uMnuz Dumisani Mbongwa, onguMqondisi womnyango ophathelene nezindaba zezindlu emkhandlwini.

Umeya woMkhandlu uCllr Sphesihle Zulu, unikeze ngokusemthethweni izindlu  ezingama 57  zomxhaso ezintsha ezisendaweni yaseCanaan. Iningi labantu abahlomule ngezindlu zomxhaso basuse endaweni yaseNyoni, okuyindawo eyakhelwe ngabahlali basemijondolo.

”Inhloso yethu ukuqeda imijondolo kule ndawo yaseNyoni. Indlela engcono yokuqeda imijondolo ukuhlalisa abantu ezindlini ezihloniphekile,” kusho uMeya

Umeya uthe lo Mkhandlu uzoqhubeka nokususa abantu emijondolo yaseNyoni bayohlaliswa khona eCanaan.

Uthe lo Mkhandlu uzophinda wethule umbiko  omayena ne-project yezindlu eziseSundumbili kanye nalezo eziseMacambini engqungqutheleni kaMasipala wesiFunda seLembe ezobakhona maduze.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: