INATAL RICH BOYZ ITHUNGATHA ABADLALI

149

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

IQEMBU lebhola laseRichards Bay enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal elidlala esigabeni seNational First Division (NFD) iRichards Bay Fc ephethwe uJomo Biyela izosingatha inhlolokhono njengoba isemkhankasweni wokuthola abadlali.

Leli qembu eligijima ligcine likwazile ukuvika izembe ngesizini ephelile njengoba kuze kwacaca ngomdlalo wokugcina ukuthi liyasinda ezembeni. Abadlali abadingekayo abaneminyaka engaphansi kwengama-U/23 abazalwa ngaleminyaka elandelayo kusukela ku-96, 97, 98, 99 njalo njalo.

Inhlolokhono izobanjelwa ezinkundleni zemidlalo uMhlathuze Sports Complex mhla zi-19 kuNhlangulana , ngehora lesishiyagalolunye ekuseni. Abadlali bayanxuswa ukuba baphathe omazisi kanye nezimpahla zokudlala.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: