Kufunwa abathinteka ecaleni lokuthumba nokudlwengula

abangasiza ophenyweni oluqhubekayo

89

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

UPHIKO iDurban Central family Violence,Child Protection, and Sexual Offences Unit sebecele usizo lomphakathi ngabasolwa abasolwa ngecala lokuthumba nelokudlwengula.

 Kubikwa ukuthi mhla-16-18 kuMashi kulonyaka isisulu (24) sasisendaweni yokudayisela utshwala nokudla okusheshayo ePhoyinti eThekwini ngesikhathi sihlangana nomsolwa nowacela isisulu ukuba simphelezele ayokhipha imali ebhange ukuze bezoqhubeka baphuze.

Estatimendeni esikhishwe amaphoyisa kuvela ukuthi bathi besahamba bahlangana nabalisa ababili nokwagcina ngokuthi babe sendlini engaziwa esifundazweni saseGoli isisulu sona sedlwengulelwa khona kodwa singazi ukuthi sifike kanjani kulendawo.

 Onolwazi ngabalisa abasesithombeni uyanxuswa ukuba athinte amaphoyisa aseduze naye ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.                                                                         

 

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: