Kugqugquzelwe ukuzivocavoca kwabesifazane KwaMashu

154

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

INHLANGANO ethuthukisa ibhola elokishini laKwaMashu ngokubambisana nenhlangano yesihlabani sebhola i-Amanda Dlamini Foundation bagqugquzele intsha yesifazane ngezemidlalo. Lowo oyisikhulu ngaphansi kwale nhlangano uMduduzi “Mace” Majola uthi inhloso enkulu yale midlalo ebibanjelwe ezinkundleni zezemidlalo eMakhehleni KwaMashu ukugqugquzela impilo yokuzivocavoca.

“Sifuna ukugqugquzela intsha yamantombazane ukuthi ihlale iphilile ngokuzibandakanya nezemidlalo iphinde futhi ithathe ezemidlalo njengenxenye yomsebenzi wesikole,” kusho Majola.

 Intsha ebihambele le midlalo yezikole ezahlukene ithole ithuba lokucotshelelwa ngolwazi yisihlabani sebhola lezinyawo esigijima kuBanyana Banyana u-Amanda Dlamini. Le midlalo ibihlanganisa amantombazane aneminyaka engaphansi kweyishumi nanhlanu kanjalo neyishumi nambili. Iqembu elidle umhlanganiso kube yiShayamoya Primary ku-U/12  kwathi ku-U/15 kwanqoba iMaqadini Primary.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: