Bakhala ngokushawa ePoly Clinic

zisale dengwane iziguli kubhikisha abahlengikazi

129

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

SEKUPHAZAMISEKE ukusebenza emtholampilo oseLokishini laKwaMashu iPoly Clinic kulandela umbhikisho wabahlengikazi bekhala ngokungavikeleki uma besebenza.Lokhu kuza emva kwesigameko sayizolo ebsuku sokushawa komunye wabahlengikazi oshawe obephelezela isiguli emva kwenxabano yokuqophisana ngamazwi ngendaba ethinta ukusebenza.

Ngokusho kwabo abahlengikazi bathi akukhona okokuqala kwenzeka lokhu kodwa sekuyinto esivamile ukwenzeka ukushawa kwabo besemsebenzini ingakho namhlanje bethathe isinqumo sokuthi babhikishe.

Umnyango wezempilo esifundazweni saKwaZulu-Natali ubungakatholakali ukuphawula ngaloludaba

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: