Ugwetshiwe owadlwengula indodakazi yakhe

130

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

INKANTOLO yesifunda iPMB igwebe owesilisa udilika jele emva kokulahlwa icala lokudlwengula indodakazi yakhe.Kubikwa ukuthi isisulu sasihlala nobaba waso eHaza Taylors ngesikhathi ubaba waso esidlwengula ephindelela kusukela ngonya ka2005-2009.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uColonel Thulani Zwane uthi emva kwalokho umsolwa oneminyaka (46) wasabisa lentombazanyana ngokuyishaya uma ike yatshela omunye umuntu ngalokhu akwenza kuyona.UZwane uthi kwabe sekuvulwa icala lokudlwengula ladluliselwa kwabophiko iFamily violence,Child Protection and sexual Offences Unit ukuze baqhubeke nophenyo.”Emva kwesikhashana umsolwa wabe esevalelwa esitokisini wavela kaningana enkantolo kwaze kwaba uthola isigwebo esimfanele.”

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: