kwethulwe umkhankaso wokuqwashiswa ngokudayiswa kotshwala

121

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

AMAPHOYISA ehambisana neMinyango kaHulumeni eyahlukahlukene kanye noMasipala weTheku baqalise uMkhankaso wokuqwashisa ngokudayiswa kotshwala nokudayisa ngezimpahla esezisebenzile i Liquor second hand goods awareness Compaign oqalwe Mhlaka-27 Juni endaweni yase Pinetown kanye nase Hill Crest.Ohola loMkhankaso u Cannel Mntambo,uthi bakhethe ukuqala kulezindawo ngoba izona okubikwa kakhulu izigameko zobugebengu bokudayiswa kwempahla esisebenzile futhi kunezinsolo eziqinile zokuthi uphuzo oludakayo ludlala indima enkulu ekuhlukunyezweni kweMbokodo nezingane kulendawo kanye nobugebengu.
UMntambo uthi kusukela ngoLwesihlanu nangoMgqibelo bazobopha baphinde bashaqe impahla yalabo abadayisa ngokungemthetho kulezindawo,kanti uthi loMkhankaso bazowusabalalisa neSifundazwe sonke.
Ovela eMnyangweni wezoHwebo kanye neZimboni kuZwelonke uMnuz Khathi Mudau uthi umsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi bonke abaHwebayo kuleSifundazwe babhalisile ngokusemthethweni baphinde babachazele ngezindlela ezilula zokubhalisa nangamalungelo abo uMkhankaso uyaqhubeka kuze kube uMgqibelo ebusuku.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: