AMAPHOYISA AFUNA ODUKILE ENANDA.

100

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Amaphoyisa aseNanda acela Amalungu omphakathi ukuthi abasize ekutholeni owesifazane odukile.

Kubikwa ukuthi uSabusiswa Nomvelo Ndlovu (17) wase Newtown King Bhekuzulu Drive kwindawo yaseNanda wagcina ukubonakala  mhla  zingama-27 Juni 2018 eya esikoleni eRidge Park College.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thulani Zwane uthi lowesifazane wahamba  Akaze abuyele ekhaya kubo kuze kube imanje.UZwane uthi wagcina ukubonwa egqoke ijini eli-Blue nesikibha esimibalabala. Sicela umuntu owaziyo ukuthi angatholakala kuphi athinte uKaputeni Simelane westeshi samaphoyisa eNanda kule nombolo 072 017 1686. Noma kule nombolo yeCrime Stop 08600 10111.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: