ICosmos inyusele umdlali osemncane esikwatini esikhulu

210

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

UMPHATHI weqembu leJomo Cosmos u Jomo Sono  ukhuphulele umdlali oneminyaka eyi-15 ubudala esikwatini esikhulu saleli qembu. Lo mdlali okunguZuko Gxabuza odlala esiswini uzakhele igama emva kokudlala kahle ezinhlakeni zentsha zaleli qembu.

UGxabuza ubegijima esikwatini seminyaka engaphansi kwengu-17 ngaphansi komqhudelwano iFuture Champions International Soccer Tournament ngenyanga uNdasa, ebe eqale ukudlala eseneminyaka engaphansi kweyi-13.

“Yebo sesimsayinisile uGxabuza esuka kwizinkulisa, kanti siyathembisa ukumenza abencono kulesikhathi esifunshane,” kusho uSono .

USono odlale imidlalo yokuhlungela ukungena esigabeni se-Absa premierhip usekhiqize abadlali abaningi eminyakeni eyedlule okuhlanganisa  izinkakha zeBafana Bafana uMark Fish, Sizwe Motaung, Philemon Masinga kanye noHelman Mkhalele.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: