Uzohambela KZN uRamaphosa

uMnuz. Cyril Ramaphosa onguMengameli weANC

127

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

UMENGAMELI weANC uMnuz. Cyril Ramaphosa kulindeleke ahambele isifundazwe saKwaZulu-Natali ngempelasonto ukuzokwethula ngokusemthethweni umkhankaso kaZwelonke ï”Thuma Mina”.

URamaphosa uzovakashela isifunda uMusa Dladla, eThekwini kanye neGreater KwaDukuza.Ongumxhumanisi weANC KZN umnuz. Sihle Zikalala  Uthi uMengameli uzobe ehambisana nobuholi obuphezulu beqembu kanye nobesifundazwe njengoba ksasa ezoqala eBandleni iPentecostal eMpangeni.”

Simema wonke umphakathi wakulezindawo  ekutheni ube inxenye  yalezindawo ezizobe zihanjelwe uMengameli.Lo mkhankaso iwona esizoba sihambela ngawo izindawo njengoba sizobe siqhuba imikhankaso yokulalela izidingo zabantu sibheke okhethweni lonyaka ozayo lukaZwelonke.Ngakho sifuna ukuqinisekisa ukuthi sibeka izimfuno zabantu phambili njengenhlangano ebusayo.”

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: