Kufunwa abasolwa ngokuntshontsha eKing Shaka

abalisa abafunwayo

100

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

AMAPHOYIOSA esifundazwe asecele ukufuniswa abesilisa ababili okukholakala ekutheni bangaba usizo ophenyweni lwecala elenzeka esikhumulweni sezindiza iKing Shaka .Kubikwa ukuthi mhla-15 Agasti 2017 isisulu sabanjwa inkunzi ngabalisa abazenza amaphoyisa bathatha isamba semali esingadalulwangwa namasuitcase amabili kanye nezinye izimpahla maqede babaleka.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uColonel Thulani Zwane uthi kwabe sekuvula icala lokuntshontsha emva kwesigameko kodwa kuze kube imanje umkhondo wabasolwa awakatholakali.UZwane uthi bayacela amalungu omphakathi ngabalisa abasesithombeni ukuba bathinte amaphoyisa aseduze nabo uma kukhona onolwazi ngabasolwa ukuthi bakuphi

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: