Bagwetshiwe ababulala eSkhaleni

119

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

 

Inkantolo Ephakeme yase Mgungundlovu igwebe ababulali abane odilikajele.  USabelo Zulu (36) ugwetshwe odilika jele abathathu bokubulala izisulu ezimbili nokudlwengula owesifazane.  Waphinda wagwetshwa iminyaka ewu-60 yokuphanga kanye neminyaka emihlanu yokuthumba. UBongani Nkwanyana (41) ugwetshwe udilika jele wokubulala kanye neminyaka ewu-35 yokuphanga.  Waphinda wagwetshwa iminyaka ewu-15 yokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye neminyaka ewu-5 yokuthumba.  UNkululeko Zwane (22) ugwethshwe iminyaka ewu-25 kwicala ngalinye lokubulala waphinda wagwetshwa iminyaka ewu-20 yokuphanga.

 

 Kubikwa ukuthi ngoJanuwari wangonyaka ka-2015 abasolwa bebehlupha umphakathi waseMandlankala kanye nabanikazi bama tuck-shop.  Isehlakalo sokuqala senzeka kwiTuck-shop kwindawo yaseMandlankala lapho badubula babulala umnikazi wesitolo.  Bathatha imali kanye nomakhalekhukhwini maqede  babaleka.  Ngosuku olulandelayo badubula babulala uMfundo (35) owayehleli nomuntu athandana naye bathatha isibhamu sakhe kanye nomakhalekhukhwini wakhe.  Bahamba ngemoto yakhe kukhona lo wesifazane ngaphakathi. Kamuva, bamdlwengula lo wesifazane.  Baphinda bayontshontsha kwesinye isitolo.

 

Abaseshi baseSikhaleni baqala ukuphenya bathola nemininingwano komunye umsolwa owayesesibhedlela edutshulwe ilaba wayehamba nabo.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: