Usulile esikhundleni uManana

oweNFP uSabelo Sigudu

154

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

I-National Freedom Party (NFP) yamukela ukushiya kuka Mduduzi Manana esikhundleni.  Leli qembu lithi uMnu. Manana usedale umonakalo omkhulu owenze ukuthi axoshwe njenge lungu lephalamende kepha ne-ANC ibimvikela ingafuni ukuthi aqondiswe igwegwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uManana wehlise isithunzi sephalamende kazwelonke futhi waphinda wazehlisela yena isithunzi ngokuhlukumeza abantu besifazane.

Owaleliqembu kwezokuxhumana uMnuz. Sabelo Sigudu uthi  banikeza uMduduzi Manana iseluleko sokuthi athathe indlela yokuvuselela ukuziphatha.

UMnu. Manana uphoqiwe ukuthi ashiye isikhundla sakhe ngoba sesisondele kwinyanga ka-Ncwaba, lapho kuzobe kugujwa amalungelo abantu besifazane nokukhumbula indima abayidlala kwimashi yango-1956. Lokhu bekuzoletha ihlazo kuManana ngoba abantu besifazane bahlala besaba abantu abanezenzo ezifana nezakhe.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: