kuzokwethulwa iLories Creative Week eThekwini

97

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

 

UMasipala waseTheku ksasa uzokwethulwa iviki le-Loeries Creative Week ezobe iqala ngomhlaka 13 Agasti iyophela ngomhlaka 19 Agasti 2018.  Unyaka wesine lo yenziwa le Cretive festive eChief Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.  Esitatimendeni esikhishwe ilomasipala siveze ukuthi  “Siyaziqhenya ngokuphatha abantu abahamba phambili abanemiqondo yokudala e-Afrika. I-Loeries isinikeze imiklomelo yokusungula iminyaka ewu-40. I-Loeries Creative Week izosiza ngokuthi iletha abantu abanemiqondo esamisha ezosiza kwezokuxhumana nokubonwa kwemisebenzi emihle abayenzayo.Bayakuthaza futhi baseke ukusungula ngokusiza abakhangisi, abaphatheli kanye nabathengi.’’

Ilinganiselwa kuR130 million wamarandi imali eyakhulisa umnotho wetheku ngenxa yeCreative Week eThekwini ngonyaka odlulekanti balinganiselwa ku-600 abantu abahlomula ngamathuba emisebenzi bese kuba amathuba emisebenzi  onyaka nonyaka angu-380.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: