Zibonge uMeya izaguga eNdumeni

uMeya uCllr Sboniso Mbatha nezaguga zimukela izipho

118

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

LUGUJWE ngesitayela usuku lwabesifazane ngo Lwesihlanu kuMasipala iNdumeni oholwa uMeya uCllr Siboniso Mbatha ngokunikela ngezipho kubantu besifazane kule ndawo kwaSithole ngaphansi kuka ward 1.
Kuphume nesinedolo ukuzoba yingxenye yalolusuku obeluhlelwe umeya kanye ne Endumeni Motor Sport Club okuyiyo enikele ngezingubo zokulala. UMbatha yena ubephethe obhaskidi , imishanelo nezambulela aphathele labantu besifazane njengoba kuyinyanga yabo

Ngenkathi  kuxoxiswane nesaguga esineminyaka engu -104 uNkk uBathelile Hadebe wakhona kulendawo uthe selokhu kwathi nhlo akaze kube khona isipho asithole ko meya aseke baba khona. “Ngifisa uNkulunkulu asigcine lo mfanyana osemncane kangaka ongasikhohliwe thina njengogogo. Ngizokwembatha nginothe kwazise kuyabanda kulendawo yase Dundee. Mkhulu umehluko esiwubonile lokhu engenile inkinga yamanzi asisenayo siyawathola.”kubeka isaguga

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: