Imemmezele ikomidi elisha NFP

ubuholi beNFP

370

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

IQEMBU NFP selikuqinisekilie ukuthi lizongenela ukhetho likazwelonke ngo 2019 libumbene.Leliqembu lisho lokhu esithangamini nabezindaba eThekwini izolo.Kuzokhumbuleka ukuthi leliqembu ubuholi babo bebufakene ezinkantolo ngenxa yezinto ebelingaboni ngaso linye kuzona ikakhulukazi ekukhethweni kobuholi nokuhlala kwezinkomfa.

Owekomiti likazwelonke langaphakathi uNkk Happy Khuzwayo uthi sebekwazile ukulungisa zonke izinto ezingamacala ebezisezinkantolo.”Noma singeke sisangena sigxile ekutheni senzenjani ukuze sikwazi ukulungisa amacala abesezinkantolo kodwa namhlanje siyaziqhenya ngokuzomemezela ikomidi lethu elisha likazwelonke eliholwa uMholi wethu uNkk. Zanele kaMagwaza-Msibi elinamalungu -9.

 

Lelikomidi linikezwe umsebenzi wokuhola ukhetho likazwelonke oluzoba ngonyaka ozayo kanye nokuqinisekisa ukuthi likhuluma namagatsha ngamalungiselelo ezinkomfa zokukhetha ubuholi bukazwelonke nobezifundazwe eziyobanjwa emva kokhetho lukazwelonke”kusho uKhuzwayo.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: