ihlehlile inkomfa ye-IFP

uMnuz Albert Mncwango noMnuz. Mkhuleko Hlengwa

124

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

IQEMBU IFP lithi ukuhlehla kwenkomfa yokukhetha ubuholi obekumele ibanjwe ngempelasonto  esiya kuyona akusho ukuthi leliqembu sekukhona uqhekeko  ngaphakathi ebuholini.Leliqembu liveze lokhu esthangamini sabezindaba ebesibanjwe ngomsombuluko eThekwini emva kweminye yemibiko yamaphephandaba ebiveza  ngelinye lamalungu okthiwa igama lalo liyaphakanyiswa ekutheni lincintisane nozoba uMholi walo leliqembu emva kokuthi uMntwana waKwaPhindangene azwakalisa ukwehla esikhundleni mase kuqokwa ubuholi obusha.

Okhulumela leliqembu kuzwelonke uMnuz. Mkhuleko Hlengwa ugxeke abazindaba ngokushicilela imibiko abayizwa emakhoneni kepha balushaye indiva ulwazi abalunikwa iqembu.’’Esikwaziyo ngokuhlehla kwenkomfa ingoba kunamagatsha angalandelanga imigomo yokuhlala kwemihlangano yokuya enkomfeni kanye nokuthi kusanenselela ngokulethwa kwamagama abantu abayizithunywa amagatsha ahlulekile ukuletha uhla kusanesikhathi.Ngakhoke sibone kukuhle ukuthi siyihlehlise inkomfa silungise lezinkinga kungaze kuba kungenelela izinkantolo emva kwenkomfa.”kuchaza uHlengwa

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: