Umnyango ubhonge emswanini ngokukhothama kweNkosi

165

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

By Mandisa Magubane

Ungqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni iKZN uMnuz. Sipho Hlomuka usezwakalise ukudumala ngokudlula emhlabeni kweNkosi Mzokhulayo Mkhwanazi.

uMkhwanazi ebeyilunga lakwaMpukunyoni Traditional Community yaseMtubatuba. Ungqongqoshe Hlomuka uthi uMkhwanazi uyidlalile indima yakhe ebalulekile esigungwini sezobuholi beNdabuko kulesifundazwe, nokushona kwakhe ukulahlekelwa kakhulu.

Ungqongqoshe uchaze uMkhwanazi njengomuntu obenobuhlakani.

“Inkosi Mkhwanazi ebelusizo olukhulu emphakathini ngoba ebesebenzisana neminyango eminingi kahulumeni ukuqinisekisa ukuthi intuthuko emphakhathini wakhe ibikhona,” kuchaza uHlomuka.

Umnyango wethu  usukhiphe ngethimba elizosiza  lomndeni njengoba usabheke nesikhathi esinzima, ukuze basize ngamalungiselelo omncwabo.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: