Owayeyisitobha se Chiefs uzilolonga ne Wits

214

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

SIBULELO DLAMINI

kulindeleke ukuthi  Inkontileka ka Sbusiso Khumalo ne Ajax iphelelwe yisikhathi ngesonto elizayo, u Khumalo usemgqigqweni wokuthola ikhaya elisha ngaphambi kokuqala kwesizini ye 2019/20.

UKhumalo wasayina inkontileka yonyaka owodwa ne Ajax Cape Town edlala kwi National First Division ngesizini eyedlule ngesikhathi kugqabuka igoda phakathi kwakhe nezinkunzi zase Soweto i Kaizer Chiefs. Kwi Urban Warriors, u Khumalo udlale umdlalo owodwa vo.

U Khumalo owakhuliswa yi Stars of Africa Academy Development emkhakheni webhola lezinyawo wadlala ibhola elisezingeni eliphezulu ngesikhathi edlalela i Moroka Swallows ne SuperSport United, kodwa yehla ifomu yakhe esedlalela i Mamelodi Sundowns ne Chiefs. Amathemba akhe usewabeke kwi Clever Boys ukuthi imnike ithuba lokuzibonakalisa.

Uzobhekana nembila zithutha njengoba kulindeleke ukuthi abange indawo no Sifiso Hlanti ongaconsi phansi kumqeqeshi weqembu lesizwe i Bafana Bafana u Gavin Hunt.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: