‘Sisalelwe nenselelo yokwenza kahle emidlalweni elandelayo’: Baxter

117

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Sibulelo Dlamini

Umqeqeshi we Bafana Bafana u Stuart Baxter uthi kuyingozi ukuthi abalandeli bebhola base Ningizimu Afrika bayibuka ngokuyeya i Namibia okulindeleke ukuthi itholane phezulu ne Bafana namhlanje.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngaphambi komdlalo obhekwe ngabomvu ngabalandeli bebhola lakuleli, u Baxter ukhumbuze abalandeli ukuthi i Namibia ayizona neze izinkunzi ezincane njengoba ike yadlisela ogageni i Morocco ngesikhathi kuvulwa imidlalo ye 2019 Africa Cup of Nations.

I Namibia beyinamathuba amahle wokudlala ngokulingana ne Morocco edlala kahle kakhulu ngaphambi kokuthi u Itamunua Keimuine we Namibia avalele enethini igoli elavuna i Morocco.

Ngakolunye uhlangothi, i Bafana Bafana yathelwa othulini yi Ivory Coast ngegoli elavalelwa enethini wu Jonathan Kadjia ngomzuzu ka 64.

“Umdlalo phakakathi kwethu ne Ivory Coast bekungowokuqala osiphunyukile esikhathi esingangonyaka nesigamu, ukweya i Namibia akwamukelekile, ikakhulukazi eqenjini elidlale ngokuzikhandla laze ladlulelela kulesi sigaba somncintiswano. Leli qembu libambe i Morocco ngobhongwane, angikukhuthazi ukuleya. Kuliqiniso ukuthi ngomdlalo wethu odlule asiwenzanga amathua anele wokuthola amagoli, u Tyson (Thulani Hlatshwayo) no Percy Tau bake bawathola amathuba abengasisiza ukuvalela amagoli amqoka kodwa akwenzekanga,” kusho u Baxter (ucashunwe kwi website ye SAFA).

U Baxter uthi akamangali ngendlela abezindaba ababika ngayo nakuchaze njenga nesithombe esingesihle esipendelwa abalandeli.

“Ngiyakuqonda lokho abakuzwayo abalandeli ekhaya, akuyona into entsha. Kodwa ukukhuluma iqiniso besibhekene nenkunzi emalunda kwi Ivory Coast, idlala ibhola elinenkosi phakathi. Beyikhona nokho Imilayezo yokusikhuthaza, kodwa nathi aseneme ngendlela esidlala ngayo. Lo mdlalo wethu ne Namibia ubaluleke kakhulu, sisalelwe ingqabha nenselelo yokwenza kahle kulo mdlalo nakweminye elandelayo,” kusho u Baxter.

Iqembu elizonqoba kulo mdlalo lizodlulela kwisigaba sama quarter-fianls. Kulindeleke ukuthi umdlalo uqale ngehora leshumi (esikhathini sase Ningizimu Afrika).

Omunye umdlalo oku group D owe Ivory Coast ne Morocco, wona uzoqala ngehora lesikhombisa (esikhathini sase Ningizimu Africa).

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: