IRICHARDS BAY FC IQINISA ISIKWATI SAYO

148

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

IQEMBU elizinze eRichards Bay enyakatho nesifundazwe nelidlala esigabeni se National First Division (FNB) iRichards Bay fc iqinise isikwati sayo ngabadlali abahlanu abasha okungoDevon Saal, Thabo Maphakisa, Lunathi Mdatyulwa, Moses Mthembu kanye noZaphaniah Mbokoma.

Leli qembu elineminyaka emithathu lasungulwa emva kokudayiswa kweThanda Royal Zulu ngesizini ephelile liqede lisendaweni yesine kulog.

USihlalo waleliqembu uSifiso “Jomo” Biyela ukuqinisekisile ukuthi basayinise abadlali abane ngenhloso yokuthi kulesizini ezoqala okungenani balwele ukunyuselwa esigabeni esiphezulu. “Sisayinise abadlali abahlanu abanesipiliyoni sokudlala kulesigaba. Sifuna okungenani kulesizini ezoqalwa silwele ukunyukela esigabeni esiphezulu,” kusho Biyela.

Leli qembu lisanda kushiya abadlali abamqoka okungoXolani Ngcobo obengunozinti okhonjwe indlela yileliqembu, Sibonelo Ngubane ojoyine Baroka Fc , kanye noMichael Gumede ojoyine iGolden Arrows.
“Ngingasho ukuthi abadlali abahambile sibafisela inhlanhla lapho beya khona.” kuphetha Biyela.

Leli qembu selivele seliqalile ukuzilolonga enkundleni yalo uMhlathuze Sport Complex kanti kulindeleke ukuthi limemezele abanye abadlali abasha okulindeleke ukuthi ligadle ngabo ngokuqala kwesizini.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: