UMZUVUKILE PRIMARY UZOMELA ELAKULELI E-SPAIN

181

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

ISIKOLE samabanga aphansi uMzuvukile Primary saseNseleni, ngaphandle kancane kwaseRichards Bay sizomela iNingzimu Afrika emidlalweni yoMhlaba kumqhudelwano weDanone Nations Cup U/12 ezobanjelwe ezweni laseSpain. Lesi sikole besmiele isifundazwe saKwaZulu Natal kwekazwelonke ebibanjelwe e-Reiger Park nalapho sifike khona saziqwaqwada amakhanda 

Lesi sikole sizobe sihambisana neRebonwe Primary iqembu lamantombazane lakhona elikwazile ukudla umhlanganiso nalo kulomqhudelwano. Kanti umqhudelwano wamantombazane ubuqala ukuba khona kulonyaka kwizikole zaseGauteng kuphela ezingamashumi amane, kwazise ezinye zikole azinawo amaqembu abesifazane. Leli qembu linqoba ngo 2-1 lihlula iMkhwanazi Primary kowamanqamu.  

UMuzuvukile bekuvele kulindelekile ukuthi ubeyiqembu elinzima kulomqhudelwano kulandela ukuthi emidlalweni yesifundazwe likwazile ukukhiqiza abadlali abathathu abathathwe yiMamelodi Sundowns. Kulemidlalo kazwelonke lesi sikole sinqobe yonke imidlalo yaso sakwazzi ukuhlala phezu kwiqoqo (Group B). Leli qembu libe selibhekana nesikole iPatekile sase-Eastern Cape nalapho sigcine sinqobe ngegoli elilodwa eqandeni ngegoli lika Siyanda Masinga alishaye sekuyophela umdlalo.

Lezi zikole zombili kubhekeke zibuyele emuva ziyozilungiselela umqhudelwano womhlaba ozoqala mhla zi-10 kuMfumfu eBarcelona. Imidlalo yokugcina yomqhudelwano nokungowamanqamu uzodlalelwa RCD Stadium  okuyinkundla  yeqembu eligijima kuLa Liga, i-RCD Espanyol de Barcelona.

Phakathi kwabebehambele lomqhudelwano singabala no-Amanda Dlamini oke waba ukaputeni weqmbu labesifazane iBanyana Banyana. Kanti ubeze kulomqhudelwano ukuzogqugquzela amantombazane. “ Ngangineminyaka engamashumi amabili nambili ngenkathi ngiqala ukuyaphesheya neqembu leBanyana Banyana, kanti ngikhumbula kahle umuzwa. Nganginokusaba kancane kodwa kwangivula amehlo,” kusho Dlamini.

Imidlalo yamanqmu yangonyajka ka-2018 kanye no-2019 izodlalwa Kanye Kanye kulonyaka. “IBarcelona idolobha eliwuphawu kwazise ngonyaka ka-1919 ngenkathi u-Isaac Carasso esungula iDanone Yoghurt wayekulo leli dolobha, ngenhloso yokuthuthukisa ezempilo,” kusho Marlinie Kotiah onguNobhalala Jikele walenkampani ezwenikazi lase-Afrrika.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: