Izingqungqulu za Kwa Zulu-Natali kowe KZN Premier’s Cup

217

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

SBULELO DLAMINI

Amaqembu a Kwa Zulu-Natali adlala esigabeni se Premier Soccer League nakwi National First Division kulindeleke ukuthi atholane phezulu embangweni wesicoco se KZN Premier’s Cup phakathi komhlaka 27-28 ku Julayi 2019.

Lo mncintiswano wezinsuku ezimbili kulindeleke ukuthi ubanjelwe e Princess Magogo Stadium KwaMashu ngomhlaka 27 bese kuthi ngomhlaka 28 umdlalo owandulela owamanqamu nowamanqamu udlalelwe e King Zwelithini Stadium eMlazi.

Umnyango wezemidlalo Kwa Zulu-Natali ubeke eceleni isamba semali elinganiselwa ku R4 million ukwelekelela amaqembu ngesikhathi ezilungiselela ukuqala kwesizini, kulindeleke ukuthi amaqembu ahlukaniselane le mali iqembu ngalinye lithole u R585 000.

UHulumeni wesifundazwe saKwa Zulu-Natali uthi uzimisele ukwenza ubudlelwane obuhle namaqembu ebhola kulesi sifundazwe. UNgqongqoshe wezemfundo Kwa Zulu-Natali uMnuz Kwazi Mshengu ngesikhathi emele uNgqongqoshe weZemidlalo uNksz Hlengiwe Mavimbela uthe bazobambisana namaqembu adlala kwi PSL nakwi NFD ukuthuthukisa izinga lebhola ezikoleni, uqhube wathi bazobambisana namaqembu ukuhambisa izinsiza zokudlala baphinde bavule izizinda zokuqeqesha ezikoleni ezithile.

“Lolu hlelo luzonikeza abadlali abasebancane ithuba lokuveza ikhono labo ebholeni, kuyasithokozisa ukuba yingxenye yohlelo oluhle kangaka. Siyafisa ukugqugquzela amaqembu ukuthi kube uhlelo oluqhubekayo lolu, uma nje iqembu ngalinye lingankanisa ezikoleni ezithile sineqiniso lokuthi mkhulu umehluko ongaba khona ezingeni le bhola lezinyawo kulesi sifundazwe. Siphosela abaqeqeshi inselelo yokuthi bavukuze amakhono amasha ezikoleni ngoba yilapho ithalente lihlezi khona,” kusho u Mshengu.

UMshengu uqhube wathi kungumgomo abazibekele wona bebambisene nomnyango wezeMidlalo nokuNgcebeleka ukuthuthukisa ezemidlalo ezikoleni.

“Sikholelwa ukuthi mkhulu umehluko esizowenza ngokuthuthukisa ezemidlalo ezikoleni ngoba zizothuthukisa isimo sokulindela ukufunda kubafundi bethu, sizoqhubeka nokubambisana nezinhlaka ezahlukene ukwenza ngcono ezemidlalo ezikoleni zethu,” kusho u Mshengu.

Kuzobe kungenwa mahhala kule midlalo

 2019 KZN Premier’s Cup fixtures:

27 July, Saturday at Princess Magogo Stadium:

1st Quarter-Final: Uthongathi FC VS AmaZulu FC, 11:00am.

2nd Quarter-Final: Richards Bay VS Real Kings, 13:00pm.

3rd Quarter-Final: Royal Eagles VS Maritzburg United, 15:00pm.

28 July, Sunday at King Zwelithini Stadium (Semi-Finals):

1st Semi-Final: Golden Arrows VS 1st Quarter-Final Winner, 09:00am.

2nd Semi-Final: 2nd Quarter-Final Winner v 3rd Quarter-Final Winner, 11:30am.

Final at 3:00pm.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: