Iqembu lebhola lomnqakiswano lidlulela emdlalweni owandulela owamanqamu

140

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

SIBULELO DLAMINI

Iqembu lebhola lomnqakiswano labesifazane kuleli lidlulela esigabeni somdlalo owandulela owamanqamu we Netball World Cup.

Leli qembu linqobe ngesikhathi libhekene ngeziqu zamehlo ne Uganda e M&S Bank Arena e Liverpool ngoLwesithathu. Ama Proteas anqobe lo mdlalo ngo 67-40, ajoyina i England, Australia ne New Zealand.

Ama Proteas aqale umdlalo wawo ngegiya eliphezulu ngesikhathi ekoleka amaphuzu angama 19-10 emdlalweni wesigaba sokuqala, u Lenize Potgieter no Maryka Holthausen badlale ngendlela encomekayo kulo mdlalo.

Ama Proteas awayinikanga lutho i Uganda esigabeni sesithathu nesokugcina ngesikhathi u Lenize Potgieter ekoleka u 94% wamaphuzu, uqoqe amaphuzu angama 46 kwangama 49, u Maryka Holtzhausen uqoqe angu 21 kwangu 23.

UKaputeni wama Proteas, u Bongi Msomi uthe: “Kuyasijabulisa kakhulu ukudlulela esigabeni somdlalo wamanqamu, awukapheli umqhudelwano, kusamele sisebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi sibuya nawo umklomelo,” kusho u Msomi.

Ama Proteas angakaze ehlulwe kulo mqhudelwano azobhekana ngeziqu zamehlo ne England ngoLwesine emdlalweni wamaqoqo

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: