UNondweba wakuleli uphunyukwe iqatha emlomeni kowamanqamu we AFCON

194

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

SIBULELO DLAMINI

Kubukeka sengathi inhlangano i Confederation of African Football (CAF) isishintshe ukudla epuletini ngesinqumo sayo sokuqoka u Victor Gomez odabuka e Ningizimu Afrika njengonondweba womdlalo we AFCON wamanqamu phakathi kwe Senegal ne Algeria.

Imibiko ithi u Alioum Alioum wase Cameroon uyena osezothatha izintambo kulo mdlalo ozodlalelwa e Cairo ngoLwesihlanu ebusuku. Kulindeleke ukuthi umsizi wakhe kube ngu Evarist Menkouande, Elvis Guy Noupe Nguegoue kanye no Eric Arnoud Otogo Castane.

Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu, i South African Football Association ishayele u Gomez ihlombe ngokuqokwa kwakhe kowamanqamu: “Sithanda ukuthatha leli thuba sibongele u Victor kulo msebenzi omqoka kangaka aqokelwe wona wokuphatha umdlalo wamanqamu we AFCON 2019- lokhu kukhulu ngazo zonke izindlela, asikungabazi futhi ukuthi uzokwenza umsebenzi oncomekayo,” kusho u Tenda Masikhwa, oyinhloko emnyangweni wonondweba kwi SAFA.

Uqhube wathi: “Lesi sinyathelo esithathwe yi CAF sisho lukhulu ngesimo sabaphathi bemidlalo e Ningizimu Afrika, kucacela noma ubani ukuthi igalelo labo lisebalazweni lomhlaba ngomsebenzi wabo oncomekayo.”

Akukacaci ukuthi kube yini imbangela yalezi zinguquko. Umsizi wonondweba kuleli u Zakhele Siwela uzobe engumsizi wesithathu kwi VAR kulo mdlalo wamanqamu

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: