I ANC Kwa Zulu-Natali ifisele u Meshack Radebe unwele olude

253

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

SIBULELO DLAMINI

I African National Congress Kwa Zulu-Natali ifisele owayeyiphini lika Somlomo esishayamthetho sesifundazwe u Dkt Bonginkosi Meshack Radebe usuku oluhle lokuzalwa egubha iminyaka engama 70 edla anhlavana.

URadebe ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa emzini wakhe ose Maqongqo ngase Mgungundlovu, lo mcimbi obowubukhazikhazi bowuhanjelwe owayengu Mongameli kuleli uMnuz Jacob Zuma, umholi we Inkatha Freedom Party umtwana wakwa Phindangene u Prince Mangosuthu Buthelezi kanye noSihlalo we ANC Kwa Zulu-Natali ophinde abe ngu Ndunankulu kulesi sifundazwe uMnuz Sihle Zikalala.

Abanye osopolitiki abanohlonze abebehambele lo mcimbi kubalwa kubo uNgqongqoshe WeZempilo u Dkt Zweli Mkhize, uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, amakhosi, izimeya zemikhandlu eyahlukene kanye namalungu ePhalamende lesifundazwe kanye nelika zwelonke.
 
URadebe unomlando omude wezepolitiki neqembu le ANC. Waqala ebambe isikhundla semeya ye Durban Outer West Region. Usebe yilunga lesishayamthetho sesifundazwe sa Kwa Zulu-Natali kusukela ngo 1994. Ngo 1999 ube uSotwebhu kanye noSihlalo we Portfolio Committee emnyangweni weMisebenzi yoMphakathi.

Ngo Novemba ka 2006 waqokelwa kwesokuba uNgqongqoshe womnyango wokuthuthukiswa komphakathi, kwathi ngo 2011 waqokelwa kwesokuba uNgqongqoshe Wezolimo Nemvelo kanye Nokuthuthukiswa kwemiphakathi yasemakhaya.

URadebe ubambe iqhaza elikhulu ekuletheni ukuthula elokishini lase Mpumalanga e Hammarsdale, waphinde wasiza ukuletha ukuthula e Burundi, Rwanda, Northern Ireland kanye nase Sri Lanka. Wahlomula ngomkomelo owaziwa nge African Peace Award ngo 1993 waphinde wathola i Dr Martin Luther King Peace Award eyihlonyuliswa yi Council of Churches ngawo u 1993. Ngo 2009 wathola umkomelo we Public Service Excellence Award. Wahlonishwa yi University of Cape Town ngeziqu ze Honary Doctorate in Social Science.
 
Wabamba iqhaza elikhulu ekuletheni uzinzo phakathi kwe IFP ne ANC eminyakeni yawo 80s kuya kweyo 90s. Leli galelo lakhe lishayelwe izandla umholi we IFP u Buthelezi obeyisikhulumi sosuku emcimbini wokugubha usuku luka Radebe lokuzalwa.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: