I Banyana Banyana iphinde yaba ngoshampeni be COSAFA Women’s Cup

185

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

SIBULELO DLAMINI

Intokozo beyibhalwe emehlweni ku Desiree Ellis ongumqeqeshi weqembu lesizwe lebhola lezinyawo kuleli i Banyana Banyana ngesikhathi bedlisela ogageni i Zambia ngesonto enkundleni ebeyigcwele ichichima i Wolfson Stadium e Nelson Mandela Bay.

UBusisiwe Ndimeni uthole uhlaba udle wethuba ngomzuzu ka 17 ngesikhathi engena kungazelele ebhokisini le Zambia, kodwa wangaphumelela ukunika i Banyana ithuba lokuhola umdlalo zisuka. I Banyana iphinde yakhuza ibuya ngomzuzu ka 18 ngesikhathi ivalela igoli elibuyisele amathe kwasifuba ngesikhathi kutholakala ukuthi bese bephume i offside.

Ngemuva nje kwemizuzu emine, u Tiisetso Makhubela ubuye esethelwe ngezibonkolo washaya imbumbulu yebhola alizwe ngendaba unozinti we Zambia u Hazel Nali, leli goli lenze ezika Ellis zahola umdlalo ngo 1-0.

Izintokazi zase Zambia zithwale kanzima ukubhekana namabhola amade abelokhu ethunyelwe osokhaya i Banyana, ngomzuzu ka 29 ama Copper Queens aphunyuke emlomeni wengwenya evunwa yisinqumo sikanondweba ngesikhathi eshwebisa i Banyana igoli okutholakale ukuthi besebephume i offside.

Umoya obowuvunguza ngamandla uyithwalise kanzima i Banyana, nokuholele ekutheni ishwebe amathuba amaningi okuvalela ibhola enethini, kodwa bakwazile ukuvikela igoli labo baze baya ekhefini.

UBusisiwe Ndimeni uthole ingqayizivele yethuba lokuvalela igoli lesibili enethini sekusele imizuzu engu 15 kuphele umdlalo kodwa ibhola lakhe lashaya ipali kwaphinde kwatholakala ukuthi ube offside.

Sekusele imizuzu emihlanu ngaphambi kokuba uphele umdlalo u Refiloe Jane uphinde wathola uhlaba udle wethuba kodwa ibhola lakhe lahambela kude namapali, naye kwaphinde kwatholakala ukuthi ube offside. Sewuphela umdlalo u Mamello Makhabane udlale ngethuba lokuvalela igoli enethini.

IBanyana Banyana ikwazile ukuhola umdlalo waze wayophela yanqoba ngo 1-0 yagcina isicoco se COSAFA Women’s Cup okwesithathu kulandelana.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: