BAZOPHINDE BALUGUBHE EZIKOLENI OLWAMALUNGELO

183

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

ABEPHEPHANDABA iSivubela Intuthuko bazophinde bagubhe usuku lwamalungelo esikoleni iSaphinda Primary School eMlazi baphinde banikele ngezikhwama zezincwadi zesikole kubafundi abaphuma emindenini eswele.

Leli phephandaba ngenyanga yezithandani lihambele esikoleni iNhlanhlayethu High School endaweni yase Nanda kuWadi-37. Lapho linikele ngezikhwama kanye namaqakelo kubafundi bakhona ngenhloso yokukhombisa uthando nokubafundisa ukuthi uthando akuyona into yabantu abanobudlelwano kuphela kodwa kuyinto ongayikhombisa kubo bonke abantu obathandayo.

Ingxenye yabafundi base Saphinda Primary School ngesikhathi iphephandaba iSivubela Intuthuko iqhuba uhlelo lokufunda nokuqondisisa.

“Njenge phephandaba lo mphakathi siyaye sivakashele izikole siqinisekisa ukuthi izingane ziyakwazi ukufunda ziphinde ziyiqonde into eziyifundile ngolimi lwazo okuwulimi lwesiZulu. Yingakho sihlale sivakashela izikole sishiyele abafundi amaphephandaba ethu,” kuchaza uNkk Makhosi Mngoma ongumhleli waleli phephandaba.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: