ZIQHUBEKA EMISAKAZWENI NAKUMAPHEPHANDABA IZIFUNDO

132

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

SANELISIWE NGEMA
UMnyango WezeMfundo KwaZulu-Natal unxusa ukuba abazali bagqugquzele abafundi ukuba balalele imisakazo ukuze bangasaleli emuva ezifundweni zabo.
Amaphephandaba nawo azodlala indima ekuqhubeni lolu hlelo lokuqinisekisa ukuthi izifundo ziyaqhubeka emisakazweni njengoba nawo ezophinde ashicilele lokhu okukhulunywa ngakho emisakazweni.
Okhulumela uMnyango WezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi ubikele abephephandaba Isolezwe ukuba lezi zinhlelo zizobe ziqoshiwe, ezinye zizobe zisakazwa bukhoma. 
“Sicela abazali bagqugquzele izingane ukuthi zilalele imisakazo ziphinde zifunde amaphephandaba. Izifundo ezizobe zifundiswa iMaths Literacy, Economics, Life Sciences, History, isiNgisi, nezinye izifundo,” Kusho uMahlambi.
Eminye imisakazo ibisakuhlela ukuqhuba lolu hlelo kanti nayo kulindeleke ukuba iqale ukusakaza izifundo kuleli sonto elizoqala. Eminye yemisakazo esiqalile ukwenza lezi zinhlelo uKhozi FM lona olusakaza izifundo ngo 21:00 ebusuku kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Umsakazo iVuma FM nayo isiqalile ukusakaza izifundo kusukela ngo 9:00 kuya ku 15:00 ngoMsombuluko kuya kwiSonto. Eminye imisakazo izozisakaza kusukela ngo 9:00 kuya ku 12:00 emini.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: