AMABULLS NOMQONDISI OMUSHA

85

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

THABANI MAPHUMULO


IQEMBU lebhola lombhoxo elizinze ePitoli amaBlue Bulls limemezele umqondisi omusha uJake White. UWhite usayinde inkontileka ezophela ngonyaka ka-2023 emva kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba.
Lo mqeqeshi oseke wanqoba iNdebe yoMhlaba neqembu lesizwe amaBhokoBhoko uthathe isikhundla sika-Alan Zobdagh obeke phansi izintambo ngasekuqaleni kwalonyaka 
UWhite ubeqeqesha iToyota Verblitz okuyiqembu laseJapan njengoba esejoyine amaVodacom Bulls emva kwesikhathi eside ekulomkhakha wezikuqeqesha kusukela ngeminyaka yo-1980’s 
Amava akhe kulomkhakha ikakhulukazi kuVodacom Super Rugby njengomqeqeshi wamaCell C Sharks Kanye namaBrumbies kuzohlomulusa amaBulls njengoba eqhubeka nokuqinisa iqembu.
Isikhulu esiphezulu kumaBulls u-Alfonso Meyer uzwakalise ukuphawula kwakhe ngokufika kukaWhite.
“Sijabule ngendlela eyisimanga ngesinqumo sikaWhite sokuthi asijoyine. Imisebenzi yakhe iyazikhulumela futhi siyazi ibhola lombhoxo lizothuthuka ukuqokwa kwakhe ezinye zezinto ezinhle njengoba sisezinhlelweni zokuba kwelinye izinga. Simfisela okuhle konke emsebenzini wakhe,” kusho Meyer .

UWhite uzwakalise ukulangazelela kwakhe kulomsebenzi omusha, “amaBulls eliemnye lamaqembu amakhulu ebholeni lombhoxo futhi elihlonishwayo emhlabeni jikelele. Kunomlando omuhle kuleli qembu nami ngiyafisa ukuba yinxenye yabazoletha okungamagugu. Abaphathi baleli qembu banezinhlelo ezihlanganisa ukufukula leli qembu libe kwelinye izinga , liphinde lishintshe nalomdlalo kuleli,” esho 

Lo mqeqeshi akafihli lutho akananazi ukuthi kumele baqale banqobe, ” Sidinga ukuzakha kabusha sibuyise isiko lokunqoba ekhaya eLoftus futhi siphinde sibuyise abalandeli enkundleni. Lokhu ngeke kubelula kodwa sizimisele ukukwenza,”  

Lo mqeqeshi oseke wahola amaBhokoBhoko uyafisa nokufaka iqhaza kwiqembu lesizwe,” akufihliwe ukuthi ibhola lombhoxo kumele libe sezingeni ukuze iqembu lesizwe liqine.Ngisimisele ukukwenza lokho ukuze lihlezi lihamba phambili,” kuphetha White .
Kulindeleke ukuthi makubuya imidlalo njengoba isamisiwe ngenxa yobhubhane iCorona Virus uWhite abambe izintambo kumaBulls.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: