I-KING CETSHWAYO ISIQALISE OLWE COVID-19

184

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

THABANI MAPHUMULO

UMASIPALA wesifunda iKing Cetshwayo enyakatho nesifundazwe iKwaZulu Natal usuqalise uhlelo lokulwisana negciwane iCovid-19 lokubeka amathangi wamanzi ezindaweni ezinomphakathi ukuze ukwazi ukuhlanza izandla ngaso sonke isikhathi ukuzama ukulwisana nalolu bhubhane.
IMeya yalomasipala uNonhle Mkhulisi ehambisa neSekela lakhe uLindo Phungula, uSomlomo walomasipala uKhulani Hadebe kanye neMeya yomasipala waseShowe bahambele indawo yabadayisi basengwaqeni uR66 nokuyilapho bebeke ithangi elizosiza Laba badayisi Kanye nomphakathi odlula ngendlela.
“Sisabele kwikhwela likaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ukuthi sihlinzeke umphakathi ngamathangi anamanzi ukuze bakwazi ukugeza izandla ngaso Sonke , njengoba kushunyayelwa lelo Vangeli ukuze siphephe kwigciwane iCorona Virus,” kusho Mkhulisi.

Lobuholi buphinde baba yin yinxenye yesivimbamgwaqo ebesendaweni iGingindlovu nalapho bephinde badlulisa amaphepha anemiyalelo mayelana negciwane, nokuthi izimoto aziwuphuli umthetho obekiwe.
“Siyazi umphakathi uyakhala ngamanzi kulesifunda siphinde sashiya amathangi kuWard 16 no-26 kumphakathi wakulendawo engaphansi kwaseMthonjaneni,” kuphetha Mkhulisi.
Lisalokhu kushunyayelwe njalo ikhwela lokuba umphakathi ugeze izandla uphinde uhlale ezindlini ngalesikhathi seLockdown kuze kuyoshaya mhlaka 30 Ephreli.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: