ABADLALI BATHOLWE UKUTHI BANECORONA

153

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

ABADLALI ababili bakuleli  batholwe ukuthi banegciwane iCovid-19 emva kokuhlola. Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uBen Motshwari utholakale ukuthi unegciwane iCovid-19 emva kokukhombisa izimpawu.

“UMotshwari eke waba nezipawu zomkhuhlane ngaphambi kokuba ahlolwe njengoba sekubuya imiphumela iveza ukuthi unegciwane. Lo mdlali usazohlala yedwa izinsuku eziyishumi nane esaxilongwa ngaleligciwane,” kusho  isitatimende esikhishwe yiBucs.

Khonamanjalo UMdlali osemncane oneminyaka engu-21 uSiphephelo Sithole ongumunye wabadlali abavele kwisikhungo sebhola iKZN Academy utholakale ukuthi uhaqwe yileli gciwane. USithole ogijima eqenjini iBelenenses  yasePortugal udlale imidlalo engama-24 Kanti ubuye wabizelwa naseqenjini elikhulu yize engazange adlale.

Emdlalweni agcine ukubizwa kuwo ubungomhla ziyisishiyagalombili kuZibandlela ngenkathi leli qembu lidlala ngokulingana neFC Porto. Isikhungo sifisele ukululama okusheshayo kulomdlali.

“Sifisela uSithole ukululama okusheshayo njengoba etholakale ukuthi unalolubhubhane,” kusho isitatimende seKZN Academy.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: