ITheku lilokhu liqhubeke njalo nokubhebhetheka kwe-Covid-19

149

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Intatheli yephephandaba

UNdunankulu waKwaZulu Natal uMnumzane Sihle Zikalala, Esithangangamini sesizindaba ebesi banjelwe eThekwini uqale inkulumo yakhe ngokufisela bonke omama e-Afrika usuku oluhle noluphephile, uthi bangu-43 abantu asebebulewe yiCovida-19 eKZN.

IKWAZULU-Natal isikhiqize izisulu zeCovid-19 ezingu-1307 kwezingu-9420 ngokwezibalo zakamuva ezikhishwe ngoNdunankulu wakulesi sifundazwe, uMnuz Sihle Zikala esithangamini ngeSonto.

Uthi iTheku lisalokhu liqhubeke njalo nokuhamba phambili ngezibalo kanti Ilembe, emahoreni angu-24 elibe nezisulu ezintsha ezingu-16, lisendaweni yesibili.

UZikalala uthe zihlanu izifunda eKZN ezikhombisa ukuhlupha ngokukhiqiza izisulu.

Kulezi, iTheku lisakhiqize u- 80%, kube yiLembe, King Cetshwayo bese kuba Ugu.

Lezi zibalo uZikalala uthe zihlanganisa bonke abasezibhedlela ezizimele nabasezibhedlala zikahulumeni. Abahlolwe ngokuzimele kanjalo nabahlolwe ngokohlelo lulahulumeni.

“Kubantu abangu-1307, kuyajabulisa ukubika ukuthi abangu-608 baluleme. Bangu-43 asebedlule emhlabeni,”usho kanje.

“Sebebonke abahloliwe bangu-47 012 kanti asebexilongwe izimpawu bangaphezu kuka-23 million. Sisazoqhubeka sinyuke kakhulu lesi sibalo ngoba sisazosabalala mawala kulokhu (ekuhloleleni izimpawu).

Uthe weneme ngendlela iKZN ezibambe ngayo izibalo azangabheduka kakhulu njengakwezinye izifundazwe okuyiGauteng, Western ne-Eastern Cape.

“Sisazoqhubeka nokucwaninga abantu izimpawu futhi sibe nezivimbela mgwaqo,”usho kanje>

“Zisekhona nokho izikhalo ngabantu abalokhu beqhubekile nokukhombisa ukuba ngoskwhiliphambana nobhoko. Lezi zibalo bezingakakhombisi ukwehla nhlobo.”

Uphinde waphawula nangokuvulwa kwezibhedlela ezizimele, iNetcare St Augustine nozakwabo iKingsway Hospitaal.

“Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwafanale zivalwe ngenhloso yokuzihlanza lezi zibhedlela,”kusho uZikalala.”INetcare isiwulethile umbiko okhombisa ukuthi sezingavulwa kodwa kuzoba nemibandela evela kumengameli njengokuqeqeshwa kwabasebenzi ngezindlela 

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: