Odume ngelika B-Gee ufisa abantu balalele umculo wakhe ohlukile

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Intatheliyephaphandaba

Odume ngelika  B-Gee Ntwana  odabuka endaweni yase-Mkhunya esigodini sase Ngodini  ongumculi we gqomu,Afro Pop kanye namapiyano  uthi angathanda ukuba abantu balalele   lomculo awenzayo.

UB -Gcee uchaze wathi emculweni akukho lula,ngoba baningi nabantu abanamathalente kuwona lomkhakha ,ngikhiphe i album ebizwa nge Khanyisa Dlozi ngonyaka odlule  engifisa abantu bayithenge  ngoba inomculo ohlukile kakhulu ,ngakho kungangijabulisa  uma abantu bangazitholela le album ukuze bezozwa indlela engidlulisela ngayo umyalezo kubalandeli bami ngokusebenzisa ikhono lami,kuchaza uNtwana .

Kanti uNtwana akagcina ngokuba umculi kuphela kepha wenza nama movie ngaphansi kwa-MaGwamanda Production . Uthi futhi uyafisa ukuba asebenzisane nalabo asebemkantshubovu kuwo lomkhakha ukuze akwazi ukuthola uxhaso baphinde bamkhulise ngokomqondo.

Uma ufisa ukuxhumana no-B -Gee uyatholakala ku Facebook: B-Gee Mkhize noma kule  nombolo : 075 738 6610.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: