Owe-Mayibuye Productions ufisa ukuthuthukisa intsha enamakhono kwezobuciko

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Intatheliyephaphandaba

UBongani  Gumede  wase Mlazi esigcemeni  sakwa U ongumsunguli we Mayibuye Productions ophinde  athuthukise amakhono entsha  esemkhakheni womculo uthi ufisa ukuthi umphakathi umsebenzise uma unemicimbi

IMayibuye Productions cishe yenza lonke uhlobo lomculo okubalwa i- Gospel,Hip Hop,Maskandi,RNB,Scathamiya,Afro pop,Jazz ,Poetry kanye  nedemo yokusakaza emsakazazweni. Kanti isiqophe nosaziwayo abahlukahlukene  njengo MS level osanda kukhipha ingoma isihloko sayo “Umuntuwami”,no mculi obizwa ngo Nyengelezi Wodumo wase Mzimkhulu ocula umaskandi osanda kuqopha ingoma esihloko sayo “Corona”.

UBongani uthi isifiso sakhe esikhulu  ukuthola uxhaso kubantu abasuke benemicimbi ukuthi bamumeme ikakhulukazi emphakathini lapho kugcwele khona intsha,ukuze ezokwazi ukuzibandakanya nalaba abanamakhonao kodwa anganakiwe.

Uma ufisa ukuxhumana no Bongani Gumede ungathumela i-email ku-mayibuyeproductionz@gmail.com noma ushayele lezi  nombolo :083 942 4568/ 083 942 4568.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: