USIZI KUDLULA UMLANDELI WEBUCS

107

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

KUSHAQEKE bonke abathandi bezemidlalo ikakhulukazi abebhola likanobhutshuzwayo ngokudlula emhlabeni komlandeli oqavile we-Orlando Pirates uMandla “Mgijimi” Sindane waseMpumelelweni, eMalahleni.
Ngokwemibiko le nsizwa ebingapheli emidlalweni yeBucs ilale yangavuka yatholakala ngosuku lwangoMsombuluko ishonile.
“Kuyiqiniso ukuthi akasekho unfowethu, ubelokhu ehlushwa ukuphefumula kanzima. Besitshela ukuthi into ejwayelekile ezodlula, samfica endlini yakhe eseshonile,” kuchaza umfowabo uJohannes Sindane.
“Ngenkathi ubaba eyombheka umfice eseshonile, Kanti abantu abaningi bathi uke wangena enkundleni zokuxhumana kuFacebook, okwamanje asazi yini ebimphethe njengoba naye ubeseqala ukubancono,” kuphetha uJohannes.
Amazwi enduduzo avela kubalandeli, amaqembu ebhola likanobhutshuzwayo alokhu engene njalo emva kokudlula kwaMgijimi obebizwa kanjalo.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: