BASENKINGENI ABE-BUCS ABAPHULE IMIGOMO

93

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

EMVA kokuba iqembu i-Orlando Pirates liveze ukusala ngaphandle kwabadlali ababili baleli qembu kwikhempu yokuqedela imidlalo ngenxa yokuphula imigomo ebekiwe yokulwisana nokhovethe. Laba badlali okungoJustin Shonga Kanye noThembinkosi Lorch bazovela kwikomiti ukuqondiswa izigwegwe ngesenzo Sabo.
Laba badlali basale ngaphandle kwiqembu elibhekane neMamelodi Sundowns eDobsonville nogcine uphele zibambene ngo 0-0. Kwimanje Laba badlali abekho enkambini okukhempe kuyo abadlali , Kanti kwisitatimende esikhishwe yileli qembu kuvele ukuthi kusukela ngeSonto laba badlali abavunyelwanga ukuhamba neqembu emva kokuphula imigomo yeqembu.” Bonke abadlali bafundisiwe kabanzi ngendlela yokuziphatha emphakathini njengoba kunalolu khovethe. Konke kusezandleni zethu ukuqinisekisa ukuthi abadlali bayayilandela imigomo ebekiwe ukuzivikela . Bazobuya ukuzodlala Uma sekulandelwe konke mayelana nokuqondiswa izigwegwe,” kusho isitatimende saleli qembu.
Laba badlali bazophoqeleka ukuthi bahlole kabili ngaphambi kokuba bayojoyina ozakwabo ekhempini.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: