USUTHU LUFUNA UKUSAYINISA OWE-BUCS

101

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

IQEMBE AmaZulu FC lifuna ukusayinisa umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uThembela Sikhakhane.
Lo mdlali oneminyaka engama-27 utshelekiswe kuleli qembu Kanti sekuphele iminyaka emibili egijima kulona. USuthu lulule inkontileka yakhe ngezinyanga ezimbili ukuqedela isizini ka-2019/20.
Omqeqeshi osabambile kuleli qembu u-Ayanda Dlamini uveze ukuthi bangajabula ukusayinisa lomdlali kube ngowabo ngokusemthethweni.
“Simgcine uSikhakhane ukuqedela lemidlalo esele yeligi. Siyazi ukuthi usemabhukwini ePirates kumele siqale izingxoxo ukuze sikwazi ukumgcina unomphela. Ungumdlali osezingeni singajabula uma engaba yinxenye yeqembu kodwa konke kuzoncika ekutheni zohamba kanjani izingxoxo neBucs,” kusho Dlamini.
UDlamini uphinde waqinisekisa ukuthi babili abadlali abazobakhulula eqenjini okungoMichael Morton Kanye noNhlanhla Vilakazi.   

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: