INJABULO IZINYONI ZINDIZELA PHEZULU

74

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

EMVA kweminyaka emihlanu iSwallows FC yagawulwa yizembe ngesizini ka-2014/15 ikwazile ukubuyela esigabeni esiphezulu sebhola kuleli okuyi-Absa Premiership.


Izinyoni njengoba leli qembu liteketiswa kanjalo likwazile ukuqoqa amaphuzu angama-57 ukuze zinyukele esigabeni esiphezulu. Leli qembu elingelinye lamaqembu anomlando aseSoweto belibanga ne-Ajax Cape Town ebikade ihleli esicongweni, nayo eqede inamaphuzu afanayo , kwabhekwa umehluko wamagoli ahlohlwe yilamaqembu.
Izinyoni emva kokuba zigawulwe yizembe izikhulu ezihlanganisa uPanyaza Lesufi zazama ukubuyisa leli qembu kodwa zahluleka, Kanti kuthe kulesizini zathenga iMaccabi FC njengoba sebenyukele kwisigaba esikhulu.
Leli qembu elinabadlali abaningi abancane liqashe uZeca Marques ukuba alisize nohluleke wancame njengoba washiya lihleli endaweni yeshumi nantathu kuLog. Libe seliqasha uBrendon Truter ofike washintsha izinto kuleli qembu.


Phakathi kwabadlali abanesipiliyoni leli qembu ebeligabe ngabo uLebogang Mokoena wodumo kuPirates, Vuyo Mere oke wagijima kuSundowns Kanye noZephaniah Mbokoma oke wadlala kuChippa United.

Emdlalweni wokugcina waleliqembu belibhekene neTTM  belidinga amaphuzu amathathu, neligcine liwatholile linqoba ngo 3-0. Ngakolunye uhlangothi i-Ajax Cape Town nayo inqobe ngo 4-0 ihlula iMbombela United yakwazi ukuzibekisela indawo kumaPlay Offs .Ukunqoba kweSwallows kuGladAfrica Championship ihambe nemali engu-R3 million wezigidi zamarandi.

I-Ajax Cape Town Kanye neTTM sebelindele iqembu elilodwa elizolala indawo yeshumi nanhlanu ku-Absa Premiership bese kuqala eyamaPlay-Offs. Kuzokhumbuleka ukuthi uSihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Khoza usanda kukhipha izinsuku okuzodlalwa ngayo lemidlalo ezoqala mhlaka zi-6 kuMandulo.   

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: