IZINYONI ZICHITHA EYECALA LOMDLALI

69

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

THABANI MAPHUMULO

USIHLALO weSwallows esanda kukhushulelwa esigabeni se-Absa Premiership emva kokunqoba kuGladAfrica Championship uDavid Mogashoa uqinisekise abalandeli baleli qembu ukuba bangakhathazeki alikho icala abanalo. 


Lokhu kuza emva kokuba uSihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Khoza ekuqinisekisile ukuthi kunamacala abawadlulisele kumeluleki.
“Ngingasho kubalandeli ukuthi abangakhathazeki alikho icala esibhekene nalo. Udaba lomdlali uVuyo Mere wathola ikhadi esadlala kuWits,” kusho Mogashoa.


Kuzokhumbuleka ukuthi nangesizini ka-2017/18 kwenzeka okufanayo ngenkathi i-Ajax Cape Town ilahlwa yicala lokudlalisa uTendai Ndoro ngokungafanele. Lokhu kwaphoqa ukuthi leli qembu liphucwe amaphuzu lashovelwa ehlathini. Kwaphinde kwakhipha neqembu laMaZulu FC olwaselungene kuTop 8.    

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: