OWODUMO KUCHIEFS USEYOGIJIMA PHESHEYA

277

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

UMDLALI wasemuva owazakhela udumo esagijima eqenjini leKaizer Chiefs uLorenzo Gordinho usayinde iminyaka emibili neqembu laseDenmark iViborg FF.
Lo mdlali oneminyaka engama-26 ubesephelelwe yinkontileka neqembu iBidvest Wits ethengwe iTshakuma Tsha Madzivhandila (TTM). Lo mdlali oseke wagijima imidlalo emithathu eqenjini lesizwe iBafana Bafana wadlala imidlalo engama-26 kwiZitshudeni ukwazile ukusiza leli qembu ligcine liqede lisendaweni yesine kwiLog ye-Absa Premiership njengoba eselibangise eDenmark.


“Ngijabule kakhulu sengibheke inselelo entsha eqenjini iViborg,” kusho Gordinho emva kokwethulwa kuleli qembu.
“Iqembu elinamaphupho amakhulu ngichazekile indlela okwenzeka ngayo, ngendlela okudlalwa ngayo, abadlali abancane abahlaselayo. Siyathemba sizokwazi ukukhushulelwa esigabeni esikhulu kwiSuper League, Kanti ngizokwenza konke okusemandleni ukusiza iqembu.” kusho Gordinho.
Lo mdlali osuka kwinkulisa yeChiefs  uke wayakozama inhlanhla eqenjini i-AB Aalborg nakuFulham ngonyaka ka-2017. Lo mdlali uke wagijima nakuBloemfontein Celtic nalapho ebebolekisiwe khona. Abadlali abaningi bakuleli abake bagijima eDenmark benze kahle kakhulu uma ungabheka uSibusiso Zuma obegijima kwiFC Copenhagen, Benedict Vilakazi yena owayegijima kwi-Aalborg BK nakuba adlala isikhathi esincane wabuyela kuleli esezodlala kuMamelodi Sundowns.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: