USUTHU LUTHOLE UMQEQESHI ONESIPILIYONI

83

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

AMAZULU FC athole umqeqeshi onesipiliyoni ozosiza u-Allan Freese obesizana no-Owen Da Gama eqenjini Highlands Park.
UFreese oneminyaka engama-64 uyaziwa ngamagalelo akhe kuHighlands Park nakuPlatinum Stars, usayine inkontileka yonyaka owodwa elekelela u-Ayanda Dlamini osanda kugixabezwa ngomsebenzi wokuqeqesha leli qembu.
Lo mqeqeshi odabuka esifundazweni iKwaZulu Natal uthi ujabule kakhulu ngokuzosiza uDlamini oSuthwini.
“Ngijabule kakhulu ukuba yinxenye yeqembu ngikholwa ukuthi ngizoba usizo olukhulu kuDlamini. USuthu iqembu elikhulu nelinomlando futhi. Siyazi ukuthi iqembu belingenzi kahle kakhulu esikhathini esidlule kodwa sizimisele ukulisiza iqembu,” kuqhuba Freese.

” Ngiyathemba ukuthi ukusuka esifundazweni iKwaZulu Natal kuzoba nomthelela omuhle. Esifuna ukukwenza ukubeka leli qembu kwelinye izinga,” esho.
Ngonyaka ka-2013 ujoyine iPlatinum Stars ngaphambi kokuba aye kuHighlands Park ngonyaka ka-2015 nokuyilapho ebeyinhloko yomqeqeshi kwisikhungo sokuthuthukisa abadlali. Ngesizini ka-2017/18 uqeqeshe iRoyal Eagles esigabeni seNational First Division washiya waphinde kuLions of the North ukuyosizana no-Owen Da Gama obengumqeqeshi. Laba bobabili bakwazi ukusiza Highlands Park ukuba ibuyele esigabeni esiphezulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSuthu lusanda kunikeza Dlamini umsebenzi wokuqeqesha leli qembu njengoba liqede isizini kuyena obambe izintambo waphinde walusiza ukuvika izembe. Konke lokhu kwenzeke emva kokunikwa ikhefu kobengumqeqeshi waleli qembu uJozef Vukusic.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: