BAGCWALE IRENKE BELWISANA NOKUHLUNYEZWA KWABESIBHUDA

57

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Intatheli yephephandaba

IZINHLAKA zikaHulumeni ngokubambisana nosomabhizinisi baseNdwedwe bagcwale irenke yaseBhamshela izolo behamba bengena itekisi ngayinye, bexoxa nabedlulayo, abazothenga nabawosomabhizinisi abafufusayo bexoxa nabo ngechilo lokuhlukunyezwa kwabesimame, izingane nababuthaka.
Bebehla benyuka emgwaqweni, bekhuza lomhlola, bephethe nezingqwembe ezinemiyalezo ekhuza ulaka, nokuthe besuka babe bengena ezimotweni ngqo bebingelela abashayeli nabagibeli bebaqwashisa nangalesi sihlava.

Baphinde bahambela abadayisi abanamatafula bebapha izipho zokubajabulisa okukhona kuzo namaPPEs.

Kubuye kwakhishwa negrosa kwaphiwa abadala abaphethe amakhaya nabadonsa kanzinyana kunabanye.
Le Peaceful Walk ibihlelwe ngokuhlanganyela yiminyango nezinhlaka zikaHulumeni phakathi kwazo obekukhona uMasipala waseNdwedwe emnyangweni wakwaSocial Cohesion, DSD, SAPS, Community Safety, Cogta nezinye izinhlaka zamabhizinisi njengeSiqalokuhle Taxi Association nabanye.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: