INGCINDEZI KOZOVALA ESIKA-MOSIMANE

98

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

KUBUKEKA ezothwala kanzima umqeqeshi ozothatha izintambo emva kokwesula isigubhuka saleli qembu uPitso Mosimane.

UMosimane uhambe kuleli qembu emva kokuqopha umlando ngokunqoba izicoco ezintathu kulesizini. Lo Mqeqeshi obesehlale iminyaka eyisishigalombili naleli qembu kuvela ukuthi ulibhekise eGibhithe ukuyoqeqesha i-Al Ahly ethathwa njengezinkunzi ezwenikazi i-Afrika.

“Ngifisa ukudlulisa okukhulu ukubonga ngokwesekwa umengameli waleli qembu uPatrice Motsepe. Kunzima ukwamukela kwabaningi kodwa ngithi ngiyohlezi ngilithanda leli qembu,” kusho isitatimende esikhishwe UMosimane.

Ngakolunye uhlangothi kubhekwe ukuthi lowo obeyisekela lakhe uManqoa Mngqithi Kube uyena othatha izintambo zokuqeqesha leli qembu. Njengoba kuvela ukuthi uMosimane angase ahambe nesekela lakhe uRhulani Mokwena.
Umengameli waleli qembu uMotsepe ukhiphe isitatimende ehalalisela lomqeqeshi.
USihlalo wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Kho ekhuluma nabezindaba uveze ukuthi bahoxile abaxhasi okuyiTelkom Knockout.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: