NJABULO KUMENYEZELWA UKUBUYA KWEYE PSL

98

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

USIHLALO wePremier Soccer League (PSL) uDkt. Irvin Khoza umemezele ukuthi izoqala mhla zi-17 kuMfumfu imidlalo yomqhudelwano weMTN 8 ,Kanti imidlalo yeDStv Premiership yona iqale mhla zingama-24 kuMfumfu.
Ubhubhane lomkhuhlane uKhovethe lube nomthelela omkhulu ekutheni kubambezeleke ukuqala kwesizini entsha njengoba nesizini ka-2019/20 iphothulwe sekwedlule isikhathi negcine inqotshwe yiMamelodi Sundowns.
Kuzokhumbuleka ukuthi iPSL ibihlele ukuthi lemidlalo iqale mhla ziyishiyagalolunye kuMfumfu kodwa ngenxa yekhalenda leFIFA eliqala mhla ziyi-7 Kuya ku-15 kuMfumfu kwaphoqeleka ukuba kuhlelwe olunye usuku.


Nakuba usuku lwangomhla-17 kuMfumfu selumenyezelwe kodwa uDkt. Khoza uveze ukuthi basazoqhubeka nokusebenzisana noMnyango wezeMpilo njengoba besalindele nokukhipha izindleko zokuhlanganyela endaweni ephephile ngenkathi kuqedelwa imidlalo (Bio-Bubble).
Ekhuluma nabezindaba USihlalo uphinde waveza ukuthi umqhudelwano owaziwa ngeTelkom Knockout Cup ngeke ubekhona kulesizini ka-2020/21 njengoba abaxhasi okuwuTelkom behoxile. Lo mqhudelwano ugcine unqotshwe yiMamelodi Sundowns ehlule iMaritzburg United ngamagoli amabili kwelilodwa.


Lokhu kuchaza ukuthi mibili imiqhudelwano esele okuyiNedbank Cup Kanye neMTN 8. Ubhubhane lomkhuhlane uKhovethe kubukeka kuyilona olube yimbangela yokuhoxa kwabaxhasi kwazise izinkampani eziningi zishayekile ngenxa yalomkhuhlane.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: