UMGADLI UKHONJWE INDLELA KU-ARROWS

75

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo


INHLOKO ihlukene nesixhanti phakathi kweqembu iLamontville Golden Arrows Kanye nomgadli uLerato Lamola.
ULamola wafika kuleli qembu laBafana Bes’thende ngoNtulikazi ngonyaka ka-2016 esuka kuBloemfontein Celtic.
Lo mdlali oneminyaka engama-34 ubesedlale imidlalo ayi-128 wahlohla amagoli angama-25 kuleli qembu laKwaZulu Natal. Nakuba kungacaci ukuthi lomdlali uyakuphi kulesizini ezoqala kodwa amava akhe okuhlohla amagoli Kubukeka ezosheshe alithole ikhaya elisha.


“Ngishiyile ku-Arrows okwamanje angikazi ngizoya kuphi mahlampe ngizoya ekhaya. Inkontileka yami iphelile ngitshelwe ukuthi umqeqeshi ungifake ohlwini labadlali abazochithwa.
“Ngibatshelile akunankinga ngizohamba ngomoya wokuthula okwamanje alikho iqembu ebelisangifuna mhlampe ngokuhamba kwesikhathi likhona elizoqhamuka.” kusho Lamola.
Leli qembu kuvela nezindaba zokuthi lingase lishiywe umgadli osemncane ozakhele igama kuMultiChoice Diski Challenge (MDC) uSibusiso Sibeko.   

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: