UNXUSA INTSHA UKUBA ISUKUME IZITHATHE

Usomabhizinisi osafufusa uPraywell Dawood waseCinci owakha lezinqola udinga usizo
78

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

USOMABHIZINISI osafufusa wasaMdungandlovu eCinci KwesakaMthethwa enyakatho nelikaMthaniya uPraywell Dawood (31) unxusa intsha ukuba isukume izithathe yenze okuthile ukuzama ukudala amathuba omsebenzi.

Le nsizwa inebhizinisi lokwakha izinqola ezithwala izimpahla ezahlukene, Kanti ezinye iyazibolekisa. “Ngiyanxusa ukuba intsha isukume yenze okuthile ingathembeli kuhulumeni izame amabhizinisi ukuze ikwazi ukuziphilisa,” kusho Dawood.
Nakuba lensizwa izisebenza kodwa ulwazi yaluncela kulowo eyayimsebenzela ngaphambili. “Nami bengisebenza kumlungu ngimenzela zona lezinqola yilapho engancela khona ulwazi ngabe sengiqalela okwami. Ngeke siphile ngokusebenzela abantu kumele siziqalele okwethu,” esho.
Izibalo zabangasebenzi kuleli zikhombisa ukunyuka kakhulu kanti intsha iyona ehamba phambili kulezibalo. UDawood uphinde wakhuluma ngenselelo abhekene nayo njengoba leli bhizinisi lidinga izinsimbi ukuze akwazi ukuqhuba umsebenzi.


“Izinselelo zikhona ebhizinisini nami ngiyaludinga usizo, ngiyafisa noma ubani ongaba nosizo aphonse isandla ukuze likwazi ukusimama ibhizinisi,” kuphetha UDawood.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: