USUTHU LUCHAZA NGABADLALI ABALIMELE

169

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Thabani Maphumulo

LOWO obhekelele ukuxilonga abadlali eqenjini AmaZulu FC uRyan Coert uchaza ngesimo sabadlali abalimele kuleli qembu okuhlanganisa umgadli uBonginkosi Ntuli , noSphesihle Maduna. 
 Laba badlali basabheke ukuthi badlale imidlalo yabo njengoba kuqale iDstv Premiership.”UNtuli noMaduna bathole ukulimala ezinyaweni zabo zobunxele njengoba bechacheke ithambo ngasonyaweni lwesinxele bobabili ,” kusho Covert.
“Okwamanje sisebenzisa umshini obizwa nge-Osteotron ozosiza ukuthi basheshe balulame lapho bechacheke khona ithambo.

“Njalo ngeviki siyaqinisekisa sibayisa ku-Xray ukubheka isimo, uNtuli ukhombisa ukululama futhi siyathemba ngeviki elizayo uzobe eseluleme.

“UMaduna naye uthole ukulimala okufanayo nokwaNtuli emva kwesikhashana naye uzolandela imigomo efanayo kuze Kube uyalulama. Bobabili bazoqala ukuzilolonga ngemishini ngaphambi kokuba bangene enkundleni, ” kusho Coert.
Omunye wabadlali onokuthinteka ethangeni uSiphiwe Tshabalala nokulindeleke ukuthi alulame maduzane njengoba esabheke ukudlala umdlalo wakhe wokuqala oSuthwini.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: