Izingwazi kowokholo zikhiphe ulozolo lwamaChristmas Carols

150

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Intatheli yephephandaba

IQEMBU lomculo elizibiza  nge – Ivangeli Gospel likhiphe icwecwe layo le- EP elinezingoma eziyisithupha. Lezizingoma ilezi eziculwa uma kuyilesisikhathi sikaKhisimusi. Okungumehluko ngazo, yindlela leliqembu elizenze ngayo. Ziculwa ngolimi lwesiZulu kanti uma ulalele kahle uzozwa engathi ulalele umculo wokholo, kanti yebo yiwo kodwa uyizingoma zikakhisimusi.

Lomsebenzi uhlanganiswe yizinsizwa ezimbili ekungezakhona la-eThekwini futhi esezinamava kulomkhakha ikakhulukazi emculweni wowokholo. Labo nguSipho Mbele kanye noZolani Mkhize.

USipho Mbele waziwa kakhulu ngokusebenza noVuyo Mokoena ongasekho, uRebecca Malope nabanye abaningi. UZolani Mkhize naye ungomunye osebenze nabaculi abaningi ebhala aphinde ahlele izingoma zabo

Le albhamu esihloko esithi UKHISIMUSI (Christmas carols), inezingoma eziyisthupha ezilandelana kanje:

1. Ubusuku Obuhle (Silent Night)

2. Thokozani (Joy to the World)

3. Wozani Sikhuleke (Oh Come Let us adore Him)

4. Hosana 

5. Sizalelwe Indodana (Unto us a Son is Born)

6. Jerusalem

Uma ubadinga ungabathinta ku 0834990927 noma ku  ivangeligospelsa@gmail.com.

Bakhona nakwezokuxhumana izinkundla ku: 

  • Twitter – https://twitter.com/IvangeliGospel 
  • Facebook – https://www.facebook.com/IvangeliGospelSA/ 
  • Instagram – https://www.instagram.com/ivangeligospel/

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: