Sesikhotheme ISilo samaZulu

129

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Intatheli yephephandaba

ISilo samaZulu uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu (73), uselendulele kweliphakade. Izindaba zokuKhothama kweMbube zizwakale ngo 8 ekseni, ziqinisekiswe uNdunankulu wesizwe samaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi. UMdlokombane ubelokhu enakekelwa amahlalakhona esibhedlela kwaze kwamenela. Indlunkulu kaZulu isidlulise ukubonga esizweni nakuwo wonke umuntu obebaqinisa idolo ngenkathi iNgonyama isadunguzela. Le Nkosi Ibe ngehlukile emakhosini esizwe samaZulu ngoba yiyo kuphela ekwaze ukuhola isizwe samaZulu iminyaka eminingi isesihlalweni.Kukhalwa nxazonke ngokwedlula kwe Mbube njengoba nasezinkundleni zokuxhumana bekhala abantu. Amazwi enduduzo angena engenile eNdlunkulu nasesizweni samaZulu sonkana.

Lala ngokuthula Mageba ukwenze wakwenzisa obukuzele emhlabeni.

Get real time updates directly on you device, subscribe now.

Leave A Reply

Your email address will not be published.

%d bloggers like this: